Ukuphupha umama wakho osewashona kuchaza amadlozi akini akuvakashele, kungenzeka afike engazimele yena kodwa emele bonke abantu bomndeni asebashona. Ukuphupha uhamba nomama wakho osongasekho kuchaza ukuthi unawe umama wakho uhamba nawe ngokomoya. Sumary: ukuphupha umama ongasekho emhlapheni kuchaza idlozi lakho.
Ukuphupha umama wakho osashona egula ngekhanda kuchaza ukuthi idlozi lakho lidungekile limbi, noma liyadukuza, lidinga ukukhanyiselwa. Ukuphupha umama wakho osashona edla noma ecela ukudla noma epheka konke lokho kuchaza ukuthi kunomsebenzi okumele wenziwele yena. Ukuphupha umama wakho ongasekho ekupha imali lokho kuchaza izinhlanhla onikezwa zona. Ukuphupha umama wakho ongasekho egula elele phansi kuchaza ukungathokozi kwamadlozi akho.
Umama wakho eshonile kodwa esaphila akusho ukuthi uzoshona, kungachaza ukuthi uzogula, kubuye kuncike ekutheni iphupho liyini? ngabe yiphupho noma isibonalakiso, uma kuyisibonakaliso uzoshona umama wakho, uma kuyiphupho alichazi ukuthi uzoshona.
Amaphupho ajwayele ukuphuphwa ngabantu besilisa abashawa yizibulo: Ukuphupha amathanga kamama wakho, ukuphupha wenza ucansi nomama wakho, ukuphupha inkomo kamama wakho. ukuphupha amabele kamama wakho. Wonke lamaphupho ngomama wakho noma ngo gogo wakho wakho ngawabantu besilisa, uma leliphupho likufika kumele uwashe zonke izingubo zakho, bese ugeza ngomuthi othile.
Read more dreams belowCopying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
Comments | |
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |
|