Iphupho lokuphupha umama wakho osewashona

Ukuphupha umama wakho osewashona kuchaza amadlozi akini akuvakashele, kungenzeka afike engazimele yena kodwa emele bonke abantu bomndeni asebashona. Ukuphupha uhamba nomama wakho osongasekho kuchaza ukuthi unawe umama wakho uhamba nawe ngokomoya. Sumary: ukuphupha umama ongasekho emhlapheni kuchaza idlozi lakho.

Ukuphupha umama wakho osashona egula ngekhanda kuchaza ukuthi idlozi lakho lidungekile limbi, noma liyadukuza, lidinga ukukhanyiselwa. Ukuphupha umama wakho osashona edla noma ecela ukudla noma epheka konke lokho kuchaza ukuthi kunomsebenzi okumele wenziwele yena. Ukuphupha umama wakho ongasekho ekupha imali lokho kuchaza izinhlanhla onikezwa zona. Ukuphupha umama wakho ongasekho egula elele phansi kuchaza ukungathokozi kwamadlozi akho.

Umama wakho eshonile kodwa esaphila akusho ukuthi uzoshona, kungachaza ukuthi uzogula, kubuye kuncike ekutheni iphupho liyini? ngabe yiphupho noma isibonalakiso, uma kuyisibonakaliso uzoshona umama wakho, uma kuyiphupho alichazi ukuthi uzoshona.

Ukushaywa izibulo

Amaphupho ajwayele ukuphuphwa ngabantu besilisa abashawa yizibulo: Ukuphupha amathanga kamama wakho, ukuphupha wenza ucansi nomama wakho, ukuphupha inkomo kamama wakho. ukuphupha amabele kamama wakho. Wonke lamaphupho ngomama wakho noma ngo gogo wakho wakho ngawabantu besilisa, uma leliphupho likufika kumele uwashe zonke izingubo zakho, bese ugeza ngomuthi othile.

Read more dreams below Imithi iziwasho

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Imixovo emisha for free everymonth thumela email to join umxovo@gmail.com

Send this post to Whatsapp
Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
Please help ngiphuphe umam
Please help ngiphuphe umama wami engitetile kodwa usashona
Ngicela incazelo la, ngiphuphe umama ongizalayo ebalisa emva kokuthi kuwe ibhodwe ebelinokudla.
Please chaza,,,,,ngiphuphe umama wami ongasekho engifaka intambo enamaqhosha esandleni sobunxele
Ngiphuphe izinyoka eziyimala lezinyoka kuthiwa zinhlobo zezimamba bekhukhon ezincane nezinkulu kodwa futhi azingenzi lutho bese kuqhamuka lengifuna khona mama wami kepha mama usashona sengifu a muzo kamalume lengifuna khon usizo okungakokuba ngyapguthuma ngyeskolen kodwa manj mangibuyela emumva ngalezinyoka kufanele ngihamba nayo eyodwa kodwa kulehlathi ngihamba kulona ngcela ngongihlaziyela lona
Ngiphuphe umawami egqoke inzilo e navy iphelele
Ngiphuphe ngigeza uMa insila eningi emhlane. Kuchazani pla
Ngiphuphe umama akasekho ethi ngingalambi nezingane engathi unginika imifino esiphekiwe vele wayethanda ukungiphekela imifino pls help
Ngphuphe umama wami osewatshona kudala Emile engbuka Uma ngdlula phambi kwakhe ekhaya ejabulile
Ngphuphe umama wami osewatshona kudala Emile engbuka Uma ngdlula phambi kwakhe ekhaya ejabulile
Ngiphuphe ulwandle lushile kodw uma ungena khona ucwile kube ngathi ushona enhlabathini kodwa kwahamba kwaba ngathi sekushone umama kodwa akaguli please help ngabe kusho ukuthini
ngiphuphe umama wami osewashona ehleli nomalume naye sewashona basemzini wami bayaxoxa kusho ukuthini lokho
 

Read more ngamaphupho...